Icala phezu kwelinye endodeni yase-Ethiopia

by Zelalem
Group
IZIMPAHLA ezibiza amagama amba eqolo, ezingumkokotelo ezitholwe ngamaphoyisa kwenye indawo egcina izimpahla eThekwini.

UBOSHELWE ukutholakala nezimpahla ezingumkokotelo nokuzama ukugwazela amaphoyisa ukuze angambophi umlisa wase-Ethiopia ngoLwesihlanu.

Kuthiwa amaphoyisa ophiko lwe-Durban Corridor of the Rapid Rail Police alunywe indlebe ngomuntu obedayisa izingubo ezingumkokotelo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aye endaweni okugcinwa kuyona izimpahla emgwaqweni uVictoria, eThekwini athola inqwaba yamasaka agcwele izimpahla ezehlukene okubalwa kuzo, izikhwama, izingubo, izicathulo nokunye.

Lezi zimpahla bezinamagama ehlukene aziwa ukuthi amba eqolo okubalwa oLevis, Uzzi, Lacoste, Guess namanye. Kuthiwa zingabiza uR500 000.

Kuboshwe indoda yase-Ethopia eneminyaka engu-21 ngokutholwa kwalezi zimpahla eziwumkokotelo yabekwa necala lokugwazela amaphoyisa emuva kokuthi izame ukunika amaphoyisa uR1000 ukuze angayibophi – Intatheli yeSolezwe

Related Posts

Leave a Comment